Released on December 4, 2020

Thumbnail

[Intro: Duncan]

Bhek’

Sho

Bhek’


[Verse: Duncan]

Lento iqale ngeskhathi Isphethu sesfuna' uk’sign i-artist

Babamba u meeting ukuth ba sign-a ban' eThekwini

UZakwe wathi uSkuva

UNgane no Guru baphikisa

Bathi ukasi kakhulu uDuncan angeke adayise

UZakwe wanqaba wakhala

Bafana niyaganga uyakhafula lomfana animnike I chance nizogcwala

Siyambona uyashay uSkuva vaar nathi siyabamba

Kodwa u raw kakhulu nama radio asibon' azomdlala

Still uZakwe wanga give up wang’bamba nge call

Sho Skuva kunama beat aw 3 la Kim akhona, engiwathole ku SP bekuntambama izolo

Beng'fis' ukuth' uwagibel' san' ung’korobhe umoya

Nam' njegesosha ngase ngigxuma

Ngase ng'hlala ngiloba ngase ngishay' ingoma iStraat Sami kwavum abolova

Ngish’oNongoloza bay’gcobhoza bath iyona yona

Lentwana iyakhonkotha lebhova isazoshisha ikhotha

Even uSP wahlanya mabemzwisa lengoma

Wangamosha skhathi way'thumela kwi Siz & Scoop kwi YFM

Akphelanga ne viki i-Y ingoma yay’playlist-a

Waseyizwa uTira way'nambitha neghansi wal’feel-a

Wafonela uNgane "Eh uban lo? Ngifun' ukumsayina

UNgane wasembeka uDuncan uhlala la eMoria ng'hlala nginaye

La e-studio uSkuva ukumthola aksinkinga

"Ok kumele nifike naye eAfro ngimbone soringa"

At first ang'zange ngi believ-e mangizwa ley'ndaba nga dima

Until the day beng'landa ses'ye eAfro sesyobina uTira

Ngath' mang'fika wang'tshela wath' wena slyakl sign-a

ISphethu ne Afro i Album yakho kulonyaka san' s'yay’khipha

I was over the moon, ng'yakhumbul' ikhanda lam' lizula

Ngijabule kakhulu, ngafik' ekasi nga celebrate ngaphuza nga celebrate goet

Ngaphuz' i booze emlomen' kush' i-loose

Injabulo ubhalwe emehlwen' kim' lolusuku labal’khulu

Ngalowonyaka uZakwe wayeqed' uku release i Album

Seng'k'shod' n'skancane nokuth' igolide lihlangane

Wa decide ukwenz' i-addition wakhiph' i-deluxe

YIla engathola khona i-feature ye Sukile mfanam'

Savusa ilokishi kgozisi amapantsula phakamanga

Nga release iKhayalam' ikhahlamba lase lisangana

Bengigijima no Zakwe uBotton uPro no Musa la Kwathuka cwaka street cred saqina khaxa

Nabantu sebengaz' sebecel' nok'shutha nam'

Cause uZakwe mayeyoGiga njalo ubehamba nam'

Nom' esehola angi cut-ele inyuku qina njayam'

Okwakhe akwenze okwam' ek’sherisha nam'

Impilo yaba mnandi eSphethu wok’umuntu u focused

Uyabona amajita kudala ane plan lan' yok’popa

NamI akumele ngiphoxe lan' k'mele ngenze ivaar kolova

Ngi drop-e into ezovusa umlilo kuphakame amasosha

Ngingene e-studio manje noNgane sipheka i album

As'dlali baba ku blind kuhlwa Kusa sidla i-mic

Mangzela ngilala kwi couch khon' e-studio ngibhathe itshali

Sivuka sishay' ingom' futhi sizibe indlala ngama fries be kumnandi kgansi

Ngeke ngiringe amanga lapho ngiyasho

Backward never lesi iskthath' sami

Angimeli ne stop sign ngithe mang’ drop-a iTsiki Tsiki uMzansi wasuhlanya blind

Ungasakwaz ukulinda Skuva phela ayiphume le album

Ngempela ke ngay' drop-a, ama bookings aqala angena lova

Kodwa bekuneslonda enhlizweni yam' ebesilokhe sigobhoza

Njalo mang perform-a uZakwe akasafiki ukuzong’ Support-a

Base beng'hlebela ontabakayikhonjwa

"Usenemona phela usugiga kakhulu kunaye manje suya topper"

Bezing’ hurt-a lezondaba koda ngakhetha ukuyizoza


[Outro: Duncan]

Ivaar njayami mangik’tshela ivaar sometimes nami bengizibuza ukuthi haw'!

UmaZiri mfethu bengihlale ngihamba naye uma eyo perform-a, manje mina masengikhipha i Album yena akasekho!

Ngagcina nami sengibon' kuthi mhlampe hayi sekukhon' islwane sukukhon' yabo?

And nabantu abaningi bangitshela izinto ey’ningi la yabo? Bangtshela lokhu nalokhu bathi "Hay', useqala i kgompi manje useneslwane..."

But hay' no ngiyakwazi njayam awukho kanjalo

Yebo baba!