Uyay’khohlisa

By Sjava

On Umqhele

Released on December 14, 2018

10K Views

Thumbnail

[Intro]

Ush' ukuthini ukuthi ngeke ngithole ofana nawe?

Vele thats the whole point


[Chorus]

Uyazi uyazikhohlisa uma ungitshela ukuthi

Angeke ngiphinde ngithole ofana nawe

Uyazi uyazikhohlisa uma uyitshela ukuthi

Angeke ngiphinde ngithole ofana nawe

Wen' ukhohlwa yinto eyodwa

Lokh' owakubona kimi kwakuchaza

Awukthathanga, basakubona nabanye

Ukhohlwa yinto eyodwa

Lokh' owakubona kimi kwakuchaza

Ngith' awukthathanga, basakubona nabanye


[Verse 1]

Uyazi ukhaliswa yini?

Ukhaliswa ukuthi loluthando ebengikunika lona

Seluzoya komunye

Ngiyazi ukhaliswa yini

Ukhaliswa ukuthi umangithi "I love you"

Bazothi "I love you too", it wont be you

Yaz' ukhaliswa yini wena?

Ukhaliswa ukuthi lempatho ebengikunika yona

Seyizoya komunye

Ngith uyabona okukukhalisa kakhulu

Ukuthi uma ungibona ngijabulile

Ngizobe ngingajabuliswanga nguwe

Ngith okukukhalisa kakhulu kunakho konke

Ukuthi inkonzo yasebusuku isizofaka omunye umfundisi

Uzenzile akakhalelwa, kukhalelwa uzumekile

Uzenzile!


[Chorus]

Uyazi uyazikhohlisa uma ungitshela ukuthi

Angeke ngiphinde ngithole ofana nawe

Uyazi uyazikhohlisa uma uyitshela ukuthi

Angeke ngiphinde ngithole ofana nawe. No

Wen' ukhohlwa yinto eyodwa

Lokh' owakubona kimi kwakuchaza

Awukthathanga, basakubona nabanye

Ukhohlwa yinto eyodwa

Lokh' owakubona kimi, kwakuchaza

Ngith' awukthathanga, basakubona nabanye


[Verse 2]

Mina ngiyayibong' iNkosi

Ngokungithul' imthwalo isus' idimoni empilweni yami

Ngiphinde futhi ngibong' idlozi

Ngokungivul' amehlo lisus' ischitho empilweni yami

Uyazi bengingazi ukuthi uthando yinto emnandi kanjena!

Les' islima besing' fihlele ol'khulu

Bengazi ukuthi mina umuntu ukhala ngoba edumele

Bengingayazi iTears of Joy. Manje sengiyazi

Ukuthi ukujabula kuyashintshana, buka manje kuhlek' ubani

Ngakutshela ngathi okwenzekala ebumnyameni

K'sasa kuyovela obala


[Chorus]

Uyazi uyazikhohlisa uma ungitshela ukuthi

Angeke ngiphinde ngithole ofana nawe

Uyazi uyazikhohlisa uma uyitshela ukuthi

Angeke ngiphinde ngithole ofana nawe. No

Wen' ukhohlwa yinto eyodwa

Lokh' owakubona kimi, kwakuchaza

Awukthathanga, basakubona nabanye

Ukhohlwa yinto eyodwa

Lokh' owakubona kimi, kwakuchaza

Ngith' awukthathanga, basakubona nabanye