Mama

By Sjava

Released on December 13, 2018

Thumbnail

Ngikhumbul' uMa

Aksavumi (Ngikhumbul' uMa)

Angsakhoni

Ngikhumbul' Ma

Aksavumi

Ngikhumbul' uMa


[Hook]

Sebeth' indod' endala kangaka ikhalel' uMa wayo hhawu bafethu ngeke ni understand

Ndoda endala kangaka ikhalel' uMa wayo

Hhawu bafethu ngeke ni understand


[Verse 1]

Yojabula mang'fika

Athi uShembe uyaphila

Kule ngozi zomgwaqo mntanami ngyajabula ufike usaphila

Beki' khwama leMsamu

Landi mpepho kaGogo erondweni

Ngiphahle ngikhulume nabadala ngibatshele usemagcekeni

Mvul' iyana emkhaya , sesiphelile amakhaza

Mawubuy' eGoli ngicela ungiphathele iheater ngoba ngempela uzong' ngcwaba

Yaz uMa , avunamahlaya

Ngeke ushone ngisak'thanda

Kuyoba isibusiso kimi ukuthi ubekhona Ma'wami mangishada

Ngoba uyokwazi ukungibonisa mase zingibuyela emshadweni

Ngoba uyokwazi ukungiduduza mase zingibuyela emshadweni

Angsakhoni x3

Ngikhumbul' Ma


[Hook]


[Verse 2]

Into engiyithanda ngekhaya , ukuthi ekhaya akungwenwa ngemali (ngemali , yeah yeah)

Noma ngingasebeni uMama ungithanda ngingenani (Ungithanda ngingenalutho)

Noma umhlaba ungang' shaya uzong' thulisa athi mntanami ungakhali (ungakhali)

Ubukeka ukhathale awuthi ngilande ukudla baba hlala phansi (hlala phansi)

Angsakhoni x3

Ngikhumbul' Ma


[Hook]