Kube Ngangazi

By Sjava

On Isibuko

Released on January 27, 2023

Thumbnail

[Intro]

Kube ngangazi

Kube ngangazi


[Verse 1]

Ngaphoxa abazali badumala mabethol’ ukuthi ng’khulelwe

Mabeng’buza ngawe ekhaya

Kwabanzima ukubatshela, ung’balekele

Baba noMama ngicela uxolo, Umkhohlisi ung’khohlisile

K’thiw’ intandane enhle umakhothwa unina

Kumele ngiqine mtanami ngik’khulise


[Chorus]

Kube ngangazi, kube ngangazi mina

Ngangingeke ngik’nike ubuntombi bami

Kube ngangazi, kube ngangazi mina

Ngangingeke ngik’nike ubuntombi bami


[Verse 2]

Wuye lo umtanakho usekhulile

‘Yambona useyintombi engakanani

Ezimnandi ukuthi uyasebenza futhi uyang’nakekela

Mangingakhala ngabe ngiqamba amanga

Ezib’hlungu ukuthi emoyеni akeneme nеze

Uhlale ethikuthele, enolaka

Mangimbuza ngomkhwenyane akaphenduli

Uvele anxaphe athi yena akafuni k’gana

Mama amadoda mina ngiyawazonda, ayizinja

Ubaba wathi uyas’thanda kodwa ekugcineni wasishiya

Manje ngidlala abafana

Ngihambe ngishayisa

Ngoba ngifun’ uthando el’zovala is’khala saBaba

Kub’hlungu

Ng’zothanda kanjani uthando ngingalwazi ngikhula?

Kub’hlungu

Uthi konke akwakhayo kuyabhidlika, kungenxa yakho


[Chorus]

Kube ngangazi, kube ngangazi mina

Ngangingeke ngik’nike ubuntombi bami

Kube ngangazi, kube ngangazi mina

Ngangingeke ngik’nike ubuntombi bami


[Outro]