Released on January 27, 2023

5K Views

Thumbnail

[Pre-Chorus]

Zonke lentombi ezaqomela imali, zaqomela udumo

Namhlanje ziyakhala (Ziyakhala emendweni weh)

Zonke lentombi ezaqomela ub’khazikhazi

Yey futhi ukungazi, namhlanje ziyakhala (Ziyakhala emendweni we)

[Chorus]

Kimi wakhetha kahle

Wakheth’ uk’thula, waqoma iphisi

Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela

Kimi wakhetha kahle

Wakheth’ uk’thula, waqoma iphisi

Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela

[Verse 1]

Wehlula igwili zikshela ngemali

Zing’nyundela zithi uzokwenzelani lon’ yis’chaka

Wathi wena lesos’chaka ngiyohlala naso

Ngiyabonga wemkhwewami

Ngok’ understand-a isimo sami

Mangithi ngisahlanganisa

Mthathe mtanami uyohlala naye

Ekugcineni ngakwazi

Ukukwakhеla umuzi omuhle

Ngingeyona architect

Ekugcinеni ngakwazi

Ukupholisa amanxeba enhliziyo yakho ivuza igazi

Ngingeyena udokotela

Bangak’didisi laba

Loku es’nako bayak’fisa

Dali mas’nothando sinako konke

Makumnandi elawini

Sihleka elawini kunothando nempatho

Dali mas’nothando sinako konke

[Pre-Chorus]

Zonke lentombi ezaqomela imali, zaqomela udumo

Namhlanje ziyakhala (Ziyakhala emendweni weh)

Zonke lentombi ezaqomela ub’khazikhazi

Yey futhi ukungazi, namhlanje ziyakhala (Ziyakhala emendweni we)

[Chorus]

Kimi wakhetha kahle

Wakheth’ uk’thula, waqoma iphisi

Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela

Kimi wakhetha kahle

Wakheth’ uk’thula, waqoma iphisi

Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela

[Verse 2]

Yasukum’ intombi yeshinga yakhuz’ umhlolo

Yathi kahleni ningazodlala ngathi

Nathi ubuhle bendoda yinkomo zabo

Mases’qoma igwili nithi siqomel’ umnotho

Shwele ntombi yebhinca kahle ngamatshe

Nami bengisika kwelijikayo angilwi

Bengithi ang’bonge nje

Kules’thandwa sami esangibekezelela ngingenankomo

Ngangingazi (Ngangingazi)

Ngikuk’bonga

Ngizakhela amazondo (Amazondo)

Kwintombi zes’godi

Ngangingazi

Ngikuk’bonga

Ngizakhela amazondo